Indwalazo

Umgidingi olawula i-The Virtual Interface Environment Workstation (VIEW) kwa- NASA Ames

Indwalazo ingubungcweti obufefenyekwayo obusebenzisa isithungathi-mumo kanye nomboniso oseduze neso weqhwibintathu ukunikeza umsebenzisi umuzwa wokucwila endwalifeni. Amahlelokusebenza wendwalazo ehlanganisa awokuzijabulusa, awezemfundo ( njengowokuqeqeshwa kwezokwelapha nakwezempi) kanye nawezokuhweba (afana nawemihlangano yendwalazo). Ezinye izinhlobo ezikhethekile zobuchwepheshe benkobo yendwalazo zihlanganisa ingempela elenezelwe, nengempela elididiyelwe, ezibizwa ngokuthi ingempela elijijiwe, nakuba izincasiselo zishintsha ngenxa yokufufusa kwalemboni.

Okwamanje, izinhlelo zendwalazo ezivamile zisebenzisa iziqomondo zendwalazo noma Izimo ezivezwa ngobuningi ukuze ziphehle imifanekiso yoqobo, imisindo yangempela nezinye izintshwayo ezishukumisa ukuba khona komsebenzisi endwalifeni. Umuntu osebenzisa izinsiza zendwalazo uyakwazi ukuthi abone izinto ezimzungezile ezweni elinomfiyiwe, ahamba hambe kulo, futhi ananane nolwangu noma Izinto zendwalazo. Lomthelela uvame ukubangwa iziqomondo zendwalazo eziqukethe isigcogco esinombukiso (head-mounted display) esinesihenqo esincinyane phambi kwamehlo, kodwana nomthelela ungadalwa nangamagumbi eklanywe ngokukhethekile anezihenqo eziningana ezinkulu. Indwalazo ivame ukuhlanganisa isibikemphinda senzwakalo (auditory) nombukiso, kodwana nezinye izinhlobo zemizwa ziyafakwa kanye nomazinkintshela ophoqiwe ngobuchwepheshe bemizwa.


From Wikipedia, the free encyclopedia · View on Wikipedia

Developed by Tubidy